URolfes Robert Reginald Dhlomo (1906 – 1971) wayengumlobi waseNingizimu Afrika, intatheli, nosomlando ozalwa eSiyamu, Edendale esifundazweni saKwaZulu [1]. Incwadi yakhe An African Tragedy, eyashicilelwa ngowe-1928, yayiwumsebenzi wokuqala wokuqamba olotshwe ngowomdabu waseNingizimu Afrika ukuba uvele njengencwadi. Kanye nomfowabo uHerbert , wasebenzela njengentatheli nomhleli amaphephandaba i-Bantu World neLanga laseNatali. Wabhala amanoveli akhe alandelayo ngesiZulu.
Wabhala izincwadi ezinhlanu zomlando mayelana namakhosi akwaZulu, zasetshenziswa kakhulu njengemithombo yezomlando waseNingizimu Afrika kubafundi besikole ngesikhathi sobandlululo, kuze kube manje.
i-Selected Short Stories yakhe yashicilelwa kuqala ngowe-1975 yi-Institute for the Study of English in Africa. Ushicilelo olwalubuyekezwa lwashicilelwa eNingizimu Afrika yileyiya-Institute for the Study of English in Africa, e-Rhodes University, ngowe-1996 ISBN 0-86810-307-1